Latest News

Officially opening of Nkandla shopping mall

 

NKANDLA SHOPPING CENTRE 471

Zivulwe ngokusemthethweni izitolo ezintsha edolobheni laseNkandla.
IMeya yaseNkandla ngokubambisana namanye amakhansela bavule inxanxathela yezitolo ngomhlaka 25 August 2016.UMphemba oyiMeya emkhandlwini waseNkandla uthe lesi yisigaba sokuqala emizamweni yokuthuthukisa idilobha laseNkandla.

UMphemba uthi okumhlabe umxhwele ngalezitolo ezivulwayo ukuthi ziqashe inqwaba yentsha yaseNkandla ebihleli ekhaya ingasebenzi.UMeya uthembise umphakathi obutheleke ngobuningi ukuzozibonela kuvulwa ngokusemthethweni izitolo ukuthi siyeza futhi esinye isigaba sesibili sokwakhiwa kweshopping mall, nayo izovula amathuba omsebenzi emphakathini waseNkandla.

Nkandla Municipal Inauguration

NKANDLA INAUGURATION min

UMkhandlu waseNkandla ugcotshwe ngokusemthethweni mhla zingu 18 August 2016. Umkhandlu waseNkandla uholwa ngumhlonishwa Cllr Thamsanqa Ntuli.Umhlonishwa uNtuli uzibophezele ngesikhathi emukela isikhundla sokuba iMeya yalomkhandlu ukuthi uzoqhubeka nezinhlelo zentuthuko ebeseziqalile kumkhandlu odlule.

Lomci wokugcotshwa komkhandlu waseNkandla ubuhanjelwe ngungqongqoshe wezobuciko nezemidlalo umama uSithole Moloyi nonguchampion wezentuthuko ngaphansi kwesifunda uKing Cetshwayo District Municipality.Ungqongqoshe edlulisa abazwi okubongela umkhandlu waseNkandla ukhuthaze amakhansela omkhandlu ukuba asebenze ngokubambisa ngale kokubheka ukuthi umuntu usuka kuliphi iqembu.

UMkhandlu waseNkandla ngokwepolitiki uholwa yiqembu le IFP elinezihlalo ezingu 15 kanti iqembu eliphikisayo ngele ANC elinezihlalo ezingu 12.

Operation siyaya emhlangeni

OPERATION SIYAYA EMHLANGENI 031

Lena ngeminye yemicimbi eyenziwa eNkandla ukukhuthaza amantombazane asemancane ukuba agcine ubuntombi bawo. Lona ngumcimbi obizwa nge Operation Siyaya Emhlangeni.Izintombi zisuke zikhangisa ngemizimba yazo ziholwa uMeya kanye nabaholi baseNkandla bezungeza edolobheni laseNkandla bese kuyiwa etendeni elikhulu lapho abaholi bethula izinkulumo beshiyelana bekhuthaza izintombi ukuthi zizigcine kuze kufike isikhathi esifanele.

Lomcimbi ubuye usetshenziselwe ukulungiselela umkhosi womhlanga oba seNyokeni kwaNongoma.Lapha omama abahlola izintombi eNkandla basuke bazisa umphakathi waseNkandla ukuthi yizo izintombi lezi esezihloliwe ezizobe ziyomela iNkandla emkhosini womhlanga.